Ukuphulukisa Mandla kuNkulunkulu

    Ngalokho kucabanga bayaguqa phansi ngedolo bacele usizo kuNkulunkulu, bayazicelela bona noma bacelelwe ngabashumayeli babo.  Kwezinye izikhathi uye ubonakale umehluko, kokunye kuyaphoxa ukubekezela ungaboni mehluko owenzekayo.  Ukulashwa kwesifo ngaphandle komuthi noma odokotela noma izibhedlela akuyona into entsha.  Kwakwenzeka nakudala ngabagili mlingo baseGibhithe, base-Asiriya nabaseBhabhiloni.  Nabangcwele baseNdiya babelapha ngeyabo nabo indlela engalindeli kumuntu eyayimangalisa.  

    Babekwenza kudala namanje basazenza lezozinto.  Emelika naseEurope nanamhlanje umqondo wokwelapha izifo ezincane zengqondo nomzimba kwelashwa ngodokotela bengqondo kuya ngengqondo.  Kwesinye isikhathi ziyafakelwa nezinye izindlela.  Kuthiwa odokotela kulokho abakuthandayongaphambi kokuba babelaphe babafake nomoya ngaphambi kokua babadlulisele kwabanye odokotela baseMelika. 

    Ngakho sidinga abantu kebebukisise kukho konke lokhu noma lendlela yokwelapha, hhayi ukuthi yingoba kususwa abantu kulokho abakholelwa kukho ukuthi kuhle kubo, kodwa kuhle ukuba umuntu azi ukuthi kuhle kangakanani ukukholwa nguKrestu Jesu nokukholwa ngamandla kaNkulunkulu ukuthi angelapha noma yisiphi isifo.

    Nokuyne okungajwayelekile angakuqeda uNkulunkulu.  Okusobala ukuthi kusishiya nesidingo sokuba samukele uNkulunkulu ngoJesu Kristu onguchwe pheshe wokwelapha imiphefumulo engazuzi lutho oluza kuye njengabanye abelaphiabangakwazi ngisho ukubiza igama lakhe kodwa abalibala ukubiza onkulunkulu babo bobumnyama.

ISIMANGALISO SAMANDLA KAJESU

    Namanje kusanempikiswano ukuthi amandla ayenawo uJesu ngesikhathi sakhe nebandla lokuqala elalinawo njengoPawule, okwelapha abakhwelwe yizifo, asangaba khona namaKristu amanje okwelapha abagulayo. 

    Inhloso yethu kungukuba sisho noma sicacise ngendabaebekwa nguJesu yokuthi bonke ababkholwa nguye nabahlezi egameni lakhe bayokuba nawo amandla okwenza izimangaliso azenzayo yena nangaphezulu funda la Johane 14:12.

   Kuyiqiniso ukuthi uJesu abantu abaningi wabasindisa ngamandla amangalisayo.

   Nokuthi kuyiqiniso nabafundi bakhe wabanika lawomandla nawokwenza izimangaliso ezinkulu kunalezi azenzayo.  Neqiniso lokuthi wabavusa abafileyo njengendoda uLazarus owafa izinsuku ezine nesidumbu sakhe sesiqala ukubola, kodwa uJesu wawubuyisa umphefumulo wakhe ekufeni.  Nomphostoli uPeter owabonakalisa amandla amangalisayo ngohlelo lukaJehova ukuba avuse uDorcas aphile.  

    Namanje uma amaKrestu engenza lokho ngokukholwa nangeqiniso basangavuswa ekufeni Nanamuhla noma bengaphumelela kanjani abelapha abelapha ngeqiniso kodwa kufanele bavume ukuthi kukhona lapha bengahluleka khona, njengoba uJesu engehlulekanga yena.  Nochwephesheabakhaliphe kanjani kodwa bayehluleka ukuvusa abafileyo babo njengoJesu.

   Thina siphiwe amaqiniso angenakeke kubantu kodwa kumele bazinike isikhathi sokuwabhekisisa ngendlela yamanje ukusindisa labo abagulayo egameni leNkosi uJesu Krestu.  Okokuqala kumele sikhumbule ukuthi baningi abenza lokhu (ukusindisa abantu) kodwa bebekude nokukholwa egamini likaJesu, asebekwenze lokhu makhulu eminyaka.  Okwesibili odokotela sebezama kaningi ukusindisa abagulayo noma abafayo kodwa bayehluleka.  Okwesithathu ngeke bakwazi ukuvusa abafileyo njengoba uJesu wenza wabuye walandelwa ngabafundi bakhe abenza lezo zimangaliso emva kwakhe.  Lokho kushiya umbuzo wokuthi babephumelela ngoba begunyazwe nguye na?

UBUHLUNGU ABUSEKHO

   Nakuba kunjalo akukho kuphika ukuthi iBhayibheli linokuningi elingakusho noma elinakho ngensindiso kaJehova.  Unkulunkulu simthatha njengomuntu omkhulu noma uSosayensi omkhulu ongalapha noma yisiphi isifo esikubantu.  Funda aMahubo 103:3 umphrofethi u-Isaya washo ngaphambili ukuthi kuyakuba khona isikhathi lapho abantu bengasayikusho ukuthi “ngiyagula” Isaya 33:24.

  Yena futhi lombhali waphrofetha ngaphambili wathi amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa nezindlebe zezithulu ziyakuzwa.  Wathembisa nokuthi unyonga luyagxuma nezimunguly ziyakuhlabelela funda la Isaya 33:24.  Isifo sanoma yiluphi uhlobo siwuphawu lokuthi abantu bayafa.  Kunabantu abasekufeni okunye umphostoli uPawule uyasazisa ukuthi uyakubusa kuze kungqotshwe ukufa 1 Korinte 15:25-26

   Ukungqotshwa kokufa kuyakuholela ekungqotshweni kwezifo zonke ezizimbangela zokufa kwabantu.  Umphostoli uJohane wachaza ngombono owawuchaza ngoKristu endaweni yase Isle yase Patmos othi siyeza iskhathi lapha kungayikubakhona ukufa.  Nokuthi uNkulunkulu oyozesula izinyembezi emehlweni abakhalayo, izinhlungu azisayikubabikho, nokuhlupheka kuyakuphela funda 21:4 Isambulo.

   Akuzona zodwa izincwadi zodwa ezithi izethembiso zikaJehova ukuqeda isono nokufa, kodwa ngisho iziphrofetho ziyakuveza lokho ukuthi kuyakwenzeka ngoKrestu, nokuthi ngaye impilo nmokuphila kuyakubuya ngaye.  Iqiniso lisekuthini umyalezo wawugcizelela uJesu ngokuwuthumela kukaJohane umbhaphathisi.  UJohane wayeboshiwe emva kokuba emva kokuba kade ememezele ngokufika kukaMesiya owayemenyezelwe ngaphambilini nokuthi wakholeka kubantu ngasekugcineni wamangalisa waqabuleka.

    UJohane eboshiwe etilongweni esezwile ngoJesu wathumela abafundi ababili ukuthi bayombuza ukuthi unguyer abazwe ngaye noma balindele omunye na?  Kodwa uJesu wathi hambani nimlandise ngenikubonileyo, Mathewu 11:3 ngokuthi abagulayo bayaphulukiwsa, izimpumputhe ziyabona, abafileyo bayavuswa nokuthi nakwabampofu ivangeli lishunyayelwe.

    UJesu wayazi ukuthi uJohane umbhaphathisi ngokuzwalezozinto uyokwazi ukuthinguye ngempela uMesiya nokuthi uJesui Kristu ngempela ofikile.  Ujohane wazi ukuthi imisebenzi leyo uNkulunkulu owayeyithembisile ukuthi uMesiya uyakuyenza kubantu.

    Lenhloso kaNkulunkulu ngoKrestu iyakucacisa ngokusobala ukuthi uJehova wayefunani ngoJesu njengoba kutholakala kahle ebhayibhelini, alikho ikholwa elingaphika ukuthi ukuphulukisa kuNkulunkulu kuyingxenye yezinhlelo zikaKrestu esizweni esibhubhayo nokuqalekisa isono. Kolunye uhlangothi uJesu waba yisibuko kubo bonke abakholwa nguye futhi baningi asebekuzamile lokho bahluleka kubo impela abathi bangabalandeli kaKrestu.

    Ukubona nokuthola kahle ngalendaba kusenze saphenduka sacwaningisisa kahle ngokujula ezwini likaJehova ukuba sithole ukuthi lolusizo lwenzeka kanjani nangasiphi isikhathi nokuthi kuyiqiniso kangakanani.

    Ngaelsisizatho nangalesizathu kuphela asikutholi ukuphikisana phakathi kweqiniso elishiwo yibhayibheli nabalandeli bakaJesu abadala abasahamba emhlabeni nabasekhona.  Ngaphandle kocwaningo lethu izifo zethu mhlawumbe ngabe azivunyelwanga ukuqhathanisa amaqiniso namaqinisoangaphandle kwenjongo kaJehova nangeqiniso ngesethembiso sikaNkulunkulu ngezwi lakhe safinyelela kusosonke isizwe esibhubhayo, Nokuthi lapho singafinyelela khona lesisethembiso kungani?

UKUBUYISWA KWEZIKHATHI 
ZOKUHLUKUNYEZWA

    Njengoba sesibonile ukuthi uJesu kanye nabaphostoli babayenza kanjani insindiso kaNkulunkulu.  Isibonelo salokho esenziwa nguPetru ngenkathi esukumisa umuntu owayeyisinxibi eyisishosha kusukela ekuzalweni kwakhe, ehlala emnyangweni othiwa omuhle ethempelini ecela ukuphiwa : Funda Izenzo 3:1-11.  

   Lomuntu wayeyisishosha kusukela ekuzalweni kwakhe, kodwa ngenkathi uPetru ekhipha izwi lokumsindisa ngokuthemba uJehova, wasindisa ukuphila kwakhe nokuba yisishosha.  Abantu babuza ukuthi lona akusiye yini obeyisinxibi ngasemnyango othiwa ngomuhle, pho amandla amsindisile aphume kuphi nokuthi usindiswe ngubani, uPetru wachaza wathi kungenxa yamandla kaJesu waseNazaretha owabethelwa esiphgambanweni.  UPetru akagcinanga ngalempendulo kuphela embuzweni wabo.  Waqhuba wathi uma uJesu esbuyile kunezinto eziyakuba noma zenzeke njengezikhathi zenzeka esekhona engakakhushulelwa emafwini.  

    Lezi zikhathi zokubuyiselwa kwezinto nezikhathi zosindiso kubobonke, uPetru waqhubeka wachaza kabanzi wathi lokhu kwashiwo ngaphambilini nguNkulunkul ngomlomo wabaprofethi kusukela umhlaba usekelwa funda Izenzo 3:19-23.

    Lesisifundo sicacile futhi nesiphetho sakhona asingabazeki uPetru wamsindisa umuntu oyisishosha nokuthi nokuthi kwenzeka ngenxa yokuthemba uKrestu.  Sisebenzisa lolusindiso umphostoli uPetru waqhubeka wachaza wathi ngokubuya kukaJesu kwesibili koba khona izikhathi zokuhlukunyezwakwakho konke uJesu ayekhulume ngakho phambilini ngemilomo yabaprofethi.

    Uhlelo lukaNkulunkulu lokusindisa abantu kwakungekhona ukuqalisa umbuso wakhe kodwa koze kubuye uJesu okwesibili emhlabeni ebese kuqaliswa umbuso kaJesu.

    Loluhlelo lukaNkulunkulu alukwazana ukungaphumeleli futhi alusoze lwahlala lwangaphumelela.  Uma selisetshenziswa imiphumelela imiphumela yakhona iyogcwaliseka ngokuphelele ukugcwalisa amacebo ngensindiso kaNkulunkulu kubantu.  Zonke izimpumputhe ziyakubona, izithulu ziyakuzwa, nezishosha ziyakusindiswa.

    Akusayikuba khona noyedwa emhlabeni wonkeomukele ukukholwa noma lomusa kaNkulunkulu oyakuthi ngiyagula.  Uma emamukele uJesu Kristu njengeNkosi nomsindisi wakhe.

IQINISO NGOKUGULA NOKUFA

   Isifo nokufa kuyizitha ezinkulu.  Lokhu sikwazi ngokukubona nangendlela okwenzeka ngayo ezimpilweni zethu, njengegciwane elibanga ukugula nanezimo ezimbi ezenzeka kuthi sonke ngabanye ngabanye futhi eziholela ekukhubazekeni kwenye inkathi, njengakwabadala noma ekufeni uqobo.  Ngenxa yemizamo emihle kusukela ngeminyaka yama 19’ …s kososa yensi bemithi amamiliyoni isifo nokufa kuyizitha ezinkulu.  

    Lokhu sikwazi ngokukubona nangendlela okwenzeka ngayo ezimpilweni zethu, njengegciwane elibanga ukugula nanezimo ezimbi ezenzeka kuthi sonke ngabanye ngabanye futhi eziholela ekukhubazekeni kwenye inkathi, njengakwabadala noma ekufeni uqobo.  Abantu abathathwa ngukufa besebancane.  Ezinye izingaxenye zempilo ziye zingajwayeleki ngenxa yokufa.  

    Iyodwa into eyenza ibhayibheli ligqame yingenxa yeqiniso lokuthi yilona elisitshela kahle ngokufa nangecazelo ngemvelaphi yakho.  Sifisa ukugcizelela kulelipoyinti ngoba kuningi abantu kulomhlaba abazama ukulibalekela leliqiniso, kodwa abafuna ukukholelwa ukuthi ukugula noma izinhlungu ezithile ngisho imbala abacabangi ukuthi eziqala kanjani ziqhubeke kanjani kuze kufike ukufa.  Kodwa bafuna kube sengathi abantu yingoba kuyimicabango kuphela.

    Okukhulu ukuthi muntu angaguqula umqondo wakhe azitshele ukuthi izinhlungu noma ukugula yinto engekho ngeke ngempela azithole egula.  Khona kuyimicabango enzima nokho egcina khona egcina ingasebenzanga Khona kuyimicabango enzima nokho egcina khona egcina ingasebenzanga ngokwempela.  

    Ekugcineni ukugula kuyabulala, kodwa labo abathi ayikho yonke leyonto ngoba begcizelela ukuthi ukufa noma ukugula kuyinto engekho kubukeka sengathi kukhona okushoda kanjalo.  Nakuba abaholi bezinkonzo ezahlukahlukene beqhamuka namuphi umbono, nayiphi inkolelo yabo ngokuthi uNkulunkul noma uKristu owavuswa kwabafileyo uyasebenza ngabo ukusindisa abantu noma ukwelapha izifo ezahlukene, iqiniso limile kuyoyonke lamakhulu eminyaka aba khona uKristu akango noyedwa oseke wahlala wangafa.  

    Ngakolunye uhlangothi ibhayibheli lisicacisela kahle ukuthi uma uNkulunkulu esenza ngempela amehlo akhe ngensindiso kubantu ukufa kuyachithwa kungabikhona nokuyisitha sokugcina uJehova oyakusinqoba funda Isambulo 21:4.

KUNJANI UJESU WABASINDISA ABAGULAYO

   Akekho noyedwa umKrestu ongaphika ukuthi uJesu wabasindisa ngempela abagulayo nokuthi wayekwenza lokho ngamandla awaphiwe nguyise uNkulunkulu nangokugcina intando kaYise noma uJehova.  Noma kunjalo, labo uJesu abasindisayo babuye bafa emva kokusindiswa, nalabo ayebavuse kwabafileyo babuye bafa emva kwesikhathi eside.  Umbuzo-ke ovukayo owokuthi kungani ukusindisa kwakhe noma ukwelapha kwakhe kungabi nguna phakade na?

   Mhlawumbe impendulo eqondile kulombuzo ungayithola embhalweni uma usuqathanisa imisebenzi ayenza njengedaba ebhalwe umbhaphathisi uJohane ngesimsangaliso asenza ephendula amanzi ukuba abe yiwayini. 

   NokukaJohane uthi uJesu waqala ukubonakalisa inkazimulo yakhe ekhana laseGalile funda ngokuka Johane 2:11.  Lokho kukhombisa ukuthi izimangaliso ayezenza zazikhombisa abantu inkazimulo ayenayo ngezikhathi zakhe.  Izimangaliso azenza uJesu zikhomba ukuthi kuyakwembulwa kumhlaba wonke nangokubuya kwakhe kwesibili, uhlelo lwensindiso yakhe lube yinguna phakade kubantu bonke.

   Lokhu kusukela kakhulu emisebenzini yakhe owayenzayo nangemfundiso yakhe yokuba yokuba nguMesiya nokuthi yasunguleka kanjani.

   Abantu bakudala babejwayele kakhulu ukuzihlelela izinto zabo ngendlela ebonakala kangcono kubona kungefani nesikhathi esiphila kuso namhlanje.

   Indlela yakuda;a kwakuba ukuthandaza ukuze abantu baxhumane noNkulunkulu wabo babe nezicelo lezo abazithandayo nanokuba bafune uMoya oyiNgcwele wehlela kubo ukuba benze izimangaliso.

   Ngaphandle nje kwalokho, uJehova wenza izimangaliso ezinzima kakhulu enzela abantwana bakwa Israel.  Lokhu kwaqala ngoMose.

   Lomholi okokuqala efika kuFaro akhululule abantwana bakwa Iarayeli eGibhithe wenza izimangaliso ezazikhomba ukuthi ungothunywe nguJehova.  Ngokunjalo nabagilimilingo baseGibhithe babizwa ngokushesha ukuba bzokwenza lokho uMose ayekukhombise uFaro, ngoba babengazi ukuthi lo manje uthunyiwe nguMdali.

   Ngalokho siyabona ngempela ukuthi abantu bakudala babefuna ukuba bakhombise into ethile uma uthi uthunywe uNkulunkulu ukwenza into ethile namandla okwenza leyonto ukuthi unawo yini wona.  Sithola ukuthi uNkulunkulu wamaIsrayeli wayewalelwa ngisho ezimpini ukuchitha izitha zawo.  Abanye babaprofethi babevusa ngisho abafile babo.  Yingabe babengalindela ukumukela uJesu abaphrofethi labo ababebatshele ngaye uma ngabe wayefike enze imisebenzi emincane kuna lena ababethenjiswe yona ngabaphrofethi umaesefikile?

   Akuzona zodwa izincwadi zodwa ezithi izethembiso zikaJehova ukuqeda isono nokufa, kodwa ngisho iziphrofetho ziyakuveza lokho ukuthi kuyakwenzeka ngoKrestu, nokuthi ngaye impilo nmokuphila kuyakubuya ngaye.  Iqiniso lisekuthini umyalezo wawugcizelela uJesu ngokuwuthumela kukaJohane umbhaphathisi.  UJohane wayeboshiwe emva kokuba emva kokuba kade ememezele ngokufika kukaMesiya owayemenyezelwe ngaphambilini nokuthi wakholeka kubantu ngasekugcineni wamangalisa waqabuleka.

   UJohane eboshiwe etilongweni esezwile ngoJesu wathumela abafundi ababili ukuthi bayombuza ukuthi unguyer abazwe ngaye noma balindele omunye na?  Kodwa uJesu wathi hambani nimlandise ngenikubonileyo, Mathewu 11:3 ngokuthi abagulayo bayaphulukiwsa, izimpumputhe ziyabona, abafileyo bayavuswa nokuthi nakwabampofu ivangeli lishunyayelwe.

   UJesu wayazi ukuthi uJohane umbhaphathisi ngokuzwalezozinto uyokwazi ukuthinguye ngempela uMesiya nokuthi uJesui Kristu ngempela ofikile.  Ujohane wazi ukuthi imisebenzi leyo uNkulunkulu owayeyithembisile ukuthi uMesiya uyakuyenza kubantu.

   Lenhloso kaNkulunkulu ngoKrestu iyakucacisa ngokusobala ukuthi uJehova wayefunani ngoJesu njengoba kutholakala kahle ebhayibhelini, alikho ikholwa elingaphika ukuthi ukuphulukisa kuNkulunkulu kuyingxenye yezinhlelo zikaKrestu esizweni esibhubhayo nokuqalekisa isono.  Kolunye uhlangothi uJesu waba yisibuko kubo bonke abakholwa nguye futhi baningi asebekuzamile lokho bahluleka kubo impela abathi bangabalandeli kaKrestu.

   Ukubona nokuthola kahle ngalendaba kusenze saphenduka sacwaningisisa kahle ngokujula ezwini likaJehova ukuba sithole ukuthi lolusizo lwenzeka kanjani nangasiphi isikhathi nokuthi kuyiqiniso kangakanani.

   Ngaelsisizatho nangalesizathu kuphela asikutholi ukuphikisana phakathi kweqiniso elishiwo yibhayibheli nabalandeli bakaJesu abadala abasahamba emhlabeni nabasekhona.  Ngaphandle kocwaningo lethu izifo zethu mhlawumbe ngabe azivunyelwanga ukuqhathanisa amaqiniso namaqinisoangaphandle kwenjongo kaJehova nangeqiniso ngesethembiso sikaNkulunkulu ngezwi lakhe safinyelela kusosonke isizwe esibhubhayo, Nokuthi lapho singafinyelela khona lesisethembiso kungani?

   Kungalesisizathu ukufika kukaJesu kwalandelwa izimangaliso ezinkulu njengokuvusa abfileyo nokuphulukisa abagulayo.

   Ngokwenza lezizimangalisi kwakuyisifundo esasinikezwa labo ababezwile ngokufika kwakhe ukuthi unguye uMesiya okuphrofethwe ngaye nanokukhombisa nje imisebenzi enjani ayakubuya nayo uma isikhathi uJehova asimisile sokubuya kwakhe ngokugcwele yini ayouenzela umhlaba wonke.

   Intando kaJehova iyakwenzeka uma ngabe abantu sebefunde ukumazi nokumukela uJesu baloniphe nemiyalo yombuso wakhe, kobe abantu sebenikezwa ukuphila okuphakade bephila kulomhlaba.  Umphrofethi ngamunye kwabakhuluma ababekutshelile umhlaba ngempilo nangokuphila komuntu.  UJesu lokho uze akufanise nokuzalwa kabusha kwesizukulwane kumaThewu 19:28 kunjengoba kubhaliwa.

   Uphostoli uPetru wachaza kanjalo wathi kuyakuba khona izikhathi zokuhlukunyezwa kwazo zonke izinto Izenzo 3:19-21.

   Kodwa uJesu sithola ukuthi akaqalanga ngaloluhlelo lokuthi atshele abafundi bakhe ukuthi bayakufundiswa ezifweni zabo ngoba bahamba ngeqiniso ekukholweni nguye.

ABABIZELWE EKUFENI

   Kunendaba emnandi nelandelayo ethi., Kwakukhona umbusi owayemncane nje owaya uKesu ebusuku wathi “Mfundisi omuhle ngimelwe ukwenzenjani ukuze ngingene embusweni wezuklu na?”

   Ithi immpendulo uJesu wathi kuye hamba uthathe konke onakho okuyifa lakho wabele abampofu.  UJesu waphinda wathi thabatha isiphambano sakho ungilandele ekufeni.  Wamthembisa lomuntu wathi ngalendlela noma kanjani uzongena eZulwini.  UJesu akashongo ngisho igama elilodwa ngokwelapha kwenyanga.

   Iseluleko asinikeza lendoda ukubeka phansi impilo yayo izidele iyinikele kuNkulunkulu wathi iyakwamukeliswa okuhle ekuvukeni kwendodana yomuntu.  Ake ufunde la Mathewu 19:16-14, Mark 10:17-27 naku Luka 18:18-27.

   Lendaba enje isilethwe phambi kwethu manje ngohlelo lukaJehova lwevangeli elikhona ezinsukwini esiphila kuzo.  Akulona uhlelo lokusindisa inyama kodwa wuhlelo lokwelapha umphefumulo womuntu ngamunye ngokulandela ezinyathelweni zikaJesu.  UJesu wake wababuza abafundi bakhe ababili wathi, “Ningakwazi yini ukuphuza ngenkomishe engiphuza ngayp nokuphathiswa ngophathiso engibhajadiswe ngalo na?”  Funda Mathewu 20:22, ngokuka Makhu10:35-40.  

    Ebandleni laseRoma uPawulaum Phawuli walibhalela wathi “Ngakho ngiyanincenga bazalwane ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele miizimba yeni ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu kube ngukukhonza kwenu kokuqonda” Funda kwabase Roma 12:1. Ayikho indlela yokuphenduka ezulwini ngaphandle kokuphenduka noma ukunikela kuNkulunkulu usesemhlabeni.

    Ezinye izinto ezibalulekile kumaKrestu ukuba azinikele ngokuphelele emsebenzini weNkosi baqine enyameni nasemoyeni noma emandleni. 

    Lokhu kumele kwaziwe nguye wonke umKrestu ukuthi uJehova amandla okwelapha izifo nokuthi uyabasindisa abagulayo baphile uma ethanda ukwenza lokho.  Unkulunkulu kuningi anagkwenza okumangaliso kunoma yino angabe ethanda ukuyenza njengoba wenza isimangaliso ngendodana yakhe uJesu eyabe ithandeka kuye eminyakeni ezinkulungwane exzimbili ezadlulayo.  Indaba enkulu nesigcizelela kuyo kakhulu esizukulwaneni esikhona njengamanje ukuthi ngokukaNkulunkulu ukuhlela akukhona ukuthi kwelashwe kusindiswe kuphela kumuntu.  

    Uma sikhuluma nhglendaba amaqiniso amnandi nahehayo atholakala eThestamenteni Elisha.  Uthathe indaba yoMphostoli uPawulu ngezikhathi zokuphenduka kwakhe wavaleka amehlo ngenkathi evalwa unyazi luvela eZulwini phezulu ukukhanya okwakunjengelanga ebusuku.  Okukuqala wavaleka amehlo kodwa abuye avaleka kancane kancane ngokuhamba kwezinsuku.

    Noma kunjalo emva kokuphenduka kwakhe uPawula akakwazanga ukubona kahle.  Wakhuluma ngokushayeka kwakhe umbani ngokuthi kubenjengokuhlatshwa yiva emnyameni funda II Kwabase Korinte 12:7.

    Upawule wanxusa kathathu ukuba iNkosi isuke kuye, wathi uma angase abone usengenza umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu.  Ngakho wakhuleka kuNkulunkulu ukuba asuse izinhlungu kuye.  Empeleni wakhuleka kathathu enxusa ukuba uNkulukulu amsize.  Ekugcineni uJehova wawuphendula umkhuleko wakhe, hhayi ngokumvula amehlo kodwa ngokumchazela ukuthi umusa wakhe umanele yena (uPawule).

    Ngamanye amazwi okusho ukuthi isicelo sikaPawulu sokucela ukusindiswa ngamandla kaJehova saphikeka.  Singasho sithi uPawule wafeyiliswa ukungabi nalo iqiniso esicelweni sakhe- njengoba wayefuna ukusindiswa ngamandla kaJehova noma ukungaceli ngendlela okuyiyonayona.  Kodwa futhi kwakungaphelile enhlizweni kaPawule ukuthi uNkulukulu angamsindisa wayebasindisa kunoma yisiphi isifo esikwele enyameni yomuntu, lokho kwagcwalisa isithembiso ayesinikiwe ngunkulunkul ukuthi umusa wakhe usumanele.

    Upawule wayazi ukuthi asikho isithembiso uNkulunkulu asenzile ukwelapha izifo zenyama kubalandeli bakaJesu bangalesisikhathi.  Wazi futhi ukuthi kwakukuhle kuye ukuba agule ahlupheke aphinde afe kanye noJesu.  Akalindelanga ukuba aphatheke kahle ngaphezu kukaJesu noma iNkosi yakhe.

    Njengoba wakubona lokho wacabanga ukuthi uzokwazi ukuchaza nokusebenza kahle uma ebona kahle ngakho ukukhuleka wakwenza kwaba ngumkhuba wakhe.  Kodwa ngenkathi iNkosi imbusa uPawule wayenelisekile, echazekile kusukela ekuqaleni kungucabango kaNkulunkulu ukuba abanjwe yileliva elalisenyameni yakhe, wayeyomdumiza uNkulunkulu kuyo leyompilo enzima.

    Kusukela kulendaba kkubalulekile ukuba uKrestu ngamunye abeke impilo yokugula kwakhe ezandleni zikaNkulunkulu noma kubukeka sengathi impilo enzima yiyona eqondisa umuntu nembuyisano ngayoyonke indlela.

   Kwakungeho kungabaza ezigamekweni eziningi uJesu azenzayo ephulikisa abantu abaqinisa futhi azinikele kubo.  Ziningi izinto uJesu azenzayo ukuba umlandeli ngamunye komsebenzi.  Kodwa ezintweni ezinjalo umsebenzi okufanele ugcinwe owokucabanga ngoJehova hhayi ukulapha izifo zenyama ngokuba iNkosi iyakubabiza ukuba bazokwenza lokho.

UMOYA NEMPILO YOMUNTU

   Okuningi okungakhulunywa kungatholakala ebhayibhelini, kuhlukene kabili nezethembiso ezikhuluma ngempilo ephakade.

   Lokhu kwaziwa kakhulu ngezethembiso uNkulunkulu azinike amaKrestu akulesisikhathi sokuba kukhulunywe amaqiniso, ababshumayeli beqiniso bayakuklonyeliswa ngempilo enguna phakade yaseZulwini labo abavuswe “ekufeni” ukuba baphile babuse kanye noKrestu iminyaka eyinkulungwane. 

    Kodwa futhi ziningi izethembiso zikaNkulunkulu nenhloso yakhe okunika ithemba lokuthi abantu bayobuye bavuswe bafiumane impilo futhi besemnyameni baphile emhlabeni.

   Miningi imizamo eyenziwayo yokuba kuboniswe abantu kukuba bangaphikisani nezethembiso ngempilo yaseZu;wini, abafundi abaningi bebhayibheli bayazama ukufaka uMoya wobuKrestu kubantu kodwa uma sekwenzekile ngempela lokho kungakhulunjulwa ukuthi kungani nokuthi kusho ukuthini lokho.

   Abanye ngokuthatha lezizethembiso ngokwelashwa enyameni nasempilweni bayakhohlwa ngukuthi phela noNkulunkulu akelaphi abantu osekulindeleke bafe badlulele eZulwini.  Kodwa-ke kulokhu kuyiqiniso ngempela uma usho.

   Ukusindiswa komuntu enyameni kyvela kaningi nasebhayibhelini kushayisana nokufiswa ngabantu.

   Ukuvumela kulaba olayini ababili ngemicabango siyathola maningi amaqiniso aqaphelisisekayo ukuthi ukusindiswa komuntu ngenhloso kaJehova zimbili izindlela zosindiso ezethenjiswe nguNkulunkulu ephuzwini lesono noms lokufa.

   Okukuqala usindiso lwaseZulwini nosindiso lwasemhlabeni okungukuhlunyeliswa kwezimpilo zabantu ingunaphakade emhlabeni.

   Izithembiso ngensindiso yaseZulwini zithi ingeyabalandeli bakaJesu kulesisikhathi samanje, kodwa iythemba lesikhathi esizayo, kulesosikhathi esiyobe kungesokubusa kukaJesu njengeNkosi umhlaba wonke, nabalandeli bakhe banamuhle ayakubusa kanye naye.  Lokhu kuhlunyeleliswa kwezimpilo zabantu emhlabeni kuyinjongo enkulu kaJehova, izizathu zalokhu ziyatholakala kuwo onke amathestamente elisha nelidala.

    Umsebenzi wokuglunyeleliswa kwezimilo zabantu bonke uyakufezwa ngemuva kweminyaka eyinkulungwane yokubusa kukaJesu Kristu.

Izincwadi zikubeka ngokucacile ukuthi umbuso kaJesu awukaqali kodwa uzakuqala ngemuva kokubuya kukaJesu.  Funda Izenzo 3:19-21.  Ngesikhathi esifishane sokuqala uJesu abkhona ngaso washumayela ukubaluleka kombuso wakhe ozayo noyosiza abaningi nokuveza umyalezo wakhe wasindisa abantu abaningi abanezifo ezahlukene nokukhombisa ukuthi umbuso wakhe wabe usho ukuthini uma usufikile nesethembis sikaNkulunkulu ukuba sigcwaliseke.  Izimangaliso azenzayo uJesu nesesizi balile kwakungezono ezokuqalisa uhlelo lukaJesu lulesisikhathi esikuso kodwa kwakwenzelwa ukucacisa kahle isikhathi uNkulunkulu asihlelele umbuso ozayo.

    Izifo ezahlukahlukene ezihlukumeza inyama zazijwayelekile ngesikhathi sikaJesu ngisho namanje kusenjalo ezinye okwakwaziwa ukuthi azelapheki.

    Lokhu kwakusho ukuthi abantu bone kakhulu futhi kuyinkomba yezono, nanokutho nabo uqobo abanaso isifo sokusinda.  Ukufa kwafika emhlabeni ngenxa yesono, okusho ukuthi uJesu ngesikhathi esindisa izishosha ngezinsuku zakhe, uJesu wayecacisa ngenhloso kaJehova ngemuva ngemuva kokwenzeka kwezinto eziningi nokususa ubumnyama besono emhlabeni nokucitha ukufa okuyinkokhelo yesono.  Sisekulendaba uNkulunkulu wayethembisile ngomphrofethi u-Isaya : ukuthi “Yiza manje, asisho sonke sithi woza Nkosi kusho iNkosi.  Izono zenu ziyakuhlzwa, ziyakuba mhlophe njengeqhwa, nakuba zibomvu njengegazi, ziyakuba mhlophe njengovolo.

   Bakhulume ngezilimi, bayakubeka kwabagulayo basined.  Noma kunjalo bonke abafundi bebhathibheli bayavuma ukuthi yebo zikhona nezinye izinto esezifakiwe kulezizincwadi zifakwa ngabanye abantu ngomgunyathi bezixuba nokungamaqiniso abhalwa kudala.

    Kuyiqiniso futhi ukuthi esikhathini eside uMoya oyiNgcwele wabuye wagcwalisa abanye abantu ngoMoya oNgcwele ukuba nabo bakhulume ngezilimi.  Lokho kwakungubufakazi bevangeli ngempela kubo.

    Futhi kuyiqiniso ukuthi ibandla lokuqala laphiwa isipho sokusindisa abagulayo.  Kodwa lokho kwakuyimisebenzi yesikhashana, umPhostoli uPawule wayekuqonda kahle ukuthi lezizipho zesikhashana zikaMoya oyiNgcwele zazizophela futhi zaphela.  (Funda I Kwabase Korinte 13:8). 

   Sisodwa isibonelo esabhalwayo lapho inceku kaJehova yake yavikelwa khona ekulunyweni yinyoka lokho kwenzeka endabeni kamphostoli uPawule ngenkathi yena nezinye iziboshwa besendleleni ebheke eRoma, uPawule kwalimala umkhumbi owayekuwo yena nabalndeli bakhe.  Akukho okwabhalwa phansi ngaleyongozi okugcwalisa lokho okwashiwo encwadini ngokuka Marku 16:18.

   Ujakobe wakhe wabhala wathi kukhona oyedwa ebandleni ogulayo kufanele kubizwe abadala bazomkhulekela ngoba “Umkhuleko weqiniso uyamsindisa ogulayo.  Oinkosi iyakumvusa kwabafileyo”  (Ujakobe 5:14-15) Igama elithi ukugula elikuvesi 15 lasuselwa kusiGriki elisho ukuthi ukuquleka ngokwebhayibheli.  Leligama (sick means wearied naye unwearied usho ukuxega entweni noma ukuphuma kuyona ungabe usayinaka).  KuMaheberu 12:3 umphostoli uxwayisa amaKrestu ngokuthi ukuze angapheli amandla emphefumulweni yabo.

   Leligama lesiGriki laphinga lasetshenziswa kwi Sambulo 2:3 sisho igama (admonish), lencwadi ithi “Unokubekezela wakhuthazela kawukhathalanga. 

   Ubufakazi okukhulunywa ngabo lapha kulencwadi yaMaheberu ubuthathak komphefumulo, hhayi kwenyama.

   Ukwehla emandleni okukholwa nokunye okungalimaza umphefumulo kuyaholela ekubeni buthakathaka nasempilweni noma ugule.

   Ngenkathi lokhu kwenzeka ikhambi lakhona ukusindisa umphefumulo kuholela ekusindeni kwenyama uqobo.  Lokhu kungokwabo bonke abantu abadala ebandleni nabalungileyo ukuba baduduzane njalo uma kukhona nomangasiphi isikhathi uma kungezeka.

   Uma lencazelo ibonakala inesizathu esihle kufanele imbandakanywe nalokho iNkosi uJesu eyakuyhembisayo.  Uma sicabanga ngenxa yalokhu esekushiwo ukuthi umbuso kaJesu weminyaka eyinkulungwane umgumsebenzi omkhulu wokuhlunyeleliswa kwezimpilo zabantu bonke.

   Izithembiso eziningi ebhayibhelini zisitshela ukuthi abalandeli beqiniso bakaJesu bayakubusa kanye naye badle naye umbuso waleyominyaka eyinkulungwane.

   Bekanye naye ndawonye bayakubusa abantu njengokwesethembiso esathenjiswa embewini ka-Abrahamemindenini yonke yomhlaba ukuthi iyakubusiswa.  Funda kuma Galathiya 3:8, 16, 27-29 (Kuthiwa yonke inzalo ka-Abrahama iyakubusiswa kuye).  Nanokuthi mkhulu kangakanani umsebenzi oyakuba khona esikhathini esikhathini esizayo ayenzile kulesisikhathi nezimangaliso azibonakalisileziyibonelo zokuyokwenzeka esikhathini esizayo kuwo wonke umuntu.

   Bambalwa owabavula amehlo beyizimpumputhe kodwa ebusweni bakhe ozayo bonke abayizimpumputhe bayakubona.  Lokhu kukuxuba ngisho nabayizimpumputhe emphefumulweni, nokungaboni kwangempela.

   Noma ngane yisifo sini esikhona siyakunqotshwa embusweni kaJesu lapho eyobe engeselaphi noma engasindisi abantu ngabanye kodwa konke kuyinsindiso yokuqala kaJesu kubantu bonke.

   Kobe kungekhona lokho kuphela kodwa umsebenzi omkhulu uyobe umgowabo bonke abamkholiwe bamhlonipha, lomsebenzi uyoba ngowabo inguna phakadekungasikufuna nencazelo kaJesu okwakungeyesikhashana.

   Sasingekho isiqinisekiso sokuthi labo uJesu abasindisile abasyikubuye bagule futhi.  Kodwa lokhu akusauyikuba yisifundo kulabo abangavuswangwa ukuba noJesu iminyaka eyinkulungwane yombuso kaJesu yokuhlunyeleliswa kwezinto zonke uNkulunkulu akhuluma ngazo ngemlomo yabaphrofeni abangcwele kusukela izwe laqala.  Funda 3:19-21

   Ngaphandle kwalabo okwathi uJesu evuswa base nevele belele ukulala kwafuthi bengasaphili labo-ke bayovuswa ngaleyominyaka kaJesu ukuba bahloniphe lowomobuso kaJesu.  Inhloso enkulu yokuvuswa kwabo ukuha banikezwe ithuba lokukholwa nokuhlonipha nokuphila inguna phakade.

   Kuyoba yilabo kuphela abadelela umthetho kaJesu abayokuchithwa kwabanye abantu.  Funda Izenzo 3:23

   Ngempela kuyobe kungumsebenzi omkhulu lo kunayo yonke uJesu aseke wayifeza ekuqaleni kwemisebenzi yodumo yakhje.  Nemisebenzi yokuthunywa kwakhe ayenzayo yaba mkhulu / mningi ngokwanele ukunika isiqinisekiso sokuthi uma isikhathi esaqunywa sokufika kombuso, alukho.

   Uma nivuma nilalela niyakudla okuhle kwezwe Isaya 1:18-19.

   Qaphela – ke ukuthi isithembiso asikuniki ikhaya ezulwini kodwa sithi “uma nivuma nivuma nilalela niyakudla okuhle kwezwe lokhu kungenxa yokuthi izono zenu zokube sezihlanziwe.

Umsebenzi wokuglunyeleliswa kwezimilo zabantu bonke uyakufezwa ngemuva kweminyaka eyinkulungwane yokubusa kukaJesu Kristu.

 Izincwadi zikubeka ngokucacile ukuthi umbuso kaJesu awukaqali kodwa uzakuqala ngemuva kokubuya kukaJesu.  Funda Izenzo 3:19-21.  Ngesikhathi esifishane sokuqala uJesu abkhona ngaso washumayela ukubaluleka kombuso wakhe ozayo noyosiza abaningi nokuveza umyalezo wakhe wasindisa abantu abaningi abanezifo ezahlukene nokukhombisa ukuthi umbuso wakhe wabe usho ukuthini uma usufikile nesethembis sikaNkulunkulu ukuba sigcwaliseke.  Izimangaliso azenzayo uJesu nesesizi balile kwakungezono ezokuqalisa uhlelo lukaJesu lulesisikhathi esikuso kodwa kwakwenzelwa ukucacisa kahle isikhathi uNkulunkulu asihlelele umbuso ozayo.

Izifo ezahlukahlukene ezihlukumeza inyama zazijwayelekile ngesikhathi sikaJesu ngisho namanje kusenjalo ezinye okwakwaziwa ukuthi azelapheki.

 Lokhu kwakusho ukuthi abantu bone kakhulu futhi kuyinkomba yezono, nanokutho nabo uqobo abanaso isifo sokusinda.  Ukufa kwafika emhlabeni ngenxa yesono, okusho ukuthi uJesu ngesikhathi esindisa izishosha ngezinsuku zakhe, uJesu wayecacisa ngenhloso kaJehova ngemuva ngemuva kokwenzeka kwezinto eziningi nokususa ubumnyama besono emhlabeni nokucitha ukufa okuyinkokhelo yesono.  Sisekulendaba uNkulunkulu wayethembisile ngomphrofethi u-Isaya : ukuthi “Yiza manje, asisho sonke sithi woza Nkosi kusho iNkosi.  Izono zenu ziyakuhlzwa, ziyakuba mhlophe njengeqhwa, nakuba zibomvu njengegazi, ziyakuba mhlophe njengovolo.

INkosi eyalwethembisayo olungakwenzeka kuJesu kanye nabalandeli bakhe.  Kusobala ukuthi amandla kaNkulunkulu akwazi ukusindisa abambalwa abagulayo.  Uma akwazi ukuvusa abanye kwabafileyo, ayokwazi ukuvusa bonke futhi abafayo.  Okunye kusobala ukutho lezozinto ezinzima ngomusa kaNkulunkulu ziyakubasiza bonke abavumayo nabahloniphayo ukuba baphiel phakade.

Akwazeki ukuthi lesimangaliso esingaka sensindiso nokuhlunyeleliswa kwezinto zonke siyoba njani.  Lokhu kuchaziwe umphrofethi uMalaki ngokuvuswa “kwelanga lokulunga” linamaphiko linamaphiko okuphilisa ezingalweni zalo (Malaki 4:2).  Lencazelo emangaliayo inomqondo omkhulu!  Iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha abantu kade bembozwe ngubumnyama besono, ukugula nokufa.  Usathane nongunkulunkulu waleliswe esiphila kulo manje uziphuphuthekisile izingqondo zabantu ukuba bangazi ngoNkulunkulu weqiniso nonothando. 

Kodwa uma umbuso kaJesu usufika ukubisisa nokusebenza kabantu bezinhlangu ezahlukakene, “Ilanga lokulunga liyakukhazimula” lokhu kuqondaniswe noJesu okobe kungumsebenzi wakhe ukukhanyisela nokubusisa umhlaba wonke oyobe uyibandla lahe. 

Kuyoba bayakwabelana naye (uJesu) kulowo msebenzi ujesu awutholile. 

Kuyoba kukhulu kangakaninin ukusindiswa kulesosikhathi kunalokho osekuke isikhathi zinghle kunezabantu, ngakho masiqhubeke nokukhuleka emhlabeni, njengoba yenziwa namanje eZuluwini.  Uma lemikhuleko isphenduliwe lokho kobe kuyiqiniso elaphrofethwa ngumphrofrthi u-Isaya lokuthi abobe bephila kulesosikhathi abaseyikusho ukuthi ngiyagula.  Funda Isaya 33:24

UJehova “yoinyanga enkulu” ngokubhala komlobi.  Yena othethelele zonke izono, owelaphe zonke izifo zabo, osindise zonke izimpilop zabokufeni, yena owabele uthando nokulunga kubo waphidna wabapha umusa owanelise imilomo yabo ngakho konke okuhle, obuyise ubuhle babo njengokhozi.  Funda aMahubo (103:3-5).  Ngabe lokhu okushiwo nguJehova kucace kangakanani ezintweni eziningi esezike zazanywa ngabantu.  Isono esaqeda inhlonipho emthethweni kaJehova okuyisona nesaletha ukugula nokufa kubo.

Ngemuva kwezinhlupheko eziningi kanye kwakhe kulesisikhathi.  Ngokwecebo likaNkulunkulu laba sebekonyeliswe kodwa hhayi ngokwempilo yenyama manje, kodwa ngenkazimulo, ngenhloso yokwabelana naye kwinsidiso yabo bonke abantu esifweni zabo nanokuqhuba inguna phakade kubobonke abayokwamukela isimemo esithi.  “Woza uthabathe amanzi okhuphila ngesihle.”

“Inkosi yomusa ibe nani nonke nibe nokuthula anibusise uJehova wezizwe zonke, Amen.”

To Return to Home Page click on Chart.
 
        

Email
with questions
or comments
about this web site.